Nigeria (0) 1
South Africa (0) 2
LIPHINDE lawuvula kahle umqhudelwano i-Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) iqembu lakuleli iBanyana Banyana ngesikhathi liguqisa iNigeria ngo 2-0 kowokuqala wamaqoqo eMoulay Hassan Stadium eRabat ngoMsombuluko ebusuku.
Womathathu amagoli angene esiwombeni sesibili, aweBanyana avalelwe nguJermaine Seoposenwe noHildah Magaia, eleSuper Falcons lashaywa nguRasheedat Ajibade usuyophela umdlalo.
Emqhudelwaneni wango-2018, iBanyana yanqoba ngo 1-0 umdlalo wamaqoqo ibhekene nalezi zimbangi zayo ezinkulu. Nokho yakhala ngaphansi sebehlangana kowamanqamu, iguqa ngo 4-3 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0.
Ngasekuqaleni kwesiwombe sokuqala kowangoMsombuluko, womabili amaqembu abelibamba esiswini ibhola kodwa engafuni ukuthumela abadlali abaningi phambili. IBanyana ibiligcina kangcono ibhola bese uThembi Kgatlana esebenzisa ijubane lakhe kodwa engenabo abantu azobaphasela phambili.
ISuper Falcons yona ibibheke ukusebenzisa amabhola amade ukuthola u-Asisat Oshoala, ocishe waphunyuka kabili kodwa bakwazi ukumvimba uBambanani Mbane benoNoko Matlou.
IBanyana ithole ithuba elicacile ngomzuzu ka-37 uKgatlana edlula kwesokudla kodwa ishodi lakhe lihambe ngaphezulu kwepali. Ngomzuzu olandelayo kube yiNigeria ethumela ibhola phambili ngokushesha yathola u-Alozie Chinwen ngaphandle kancane kwebhokisi kodwa washaya umgundatshani odlule eceleni kwepali.
Kusale kancane ukuthi iSuper Falcons izibeke phambili esiwombeni sesibili ngomzuzu ka-48 ngesikhathi iBanyana ihluleka ukukhipha ibhola ebhokisini, lawela ku-Oshoala olibhekise emapalini, kodwa wamthola elilindile unozinti u-Andile Dlamini.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-61, uNoxolo Cesane ulibambe lathula ngaphandle kwebhokisi, walidlulisela ku-Seoposenwe ongalenzanga iphutha walinamathisela enethini.
Kuthe iSuper Falcons isadidekile zaphinde zagadla ezikaDesiree Ellis ngomunye umnyakazo omuhle, uMagaia walibeka phakathi ngemuva kokuthola ingcwenga yephasi ebivela kuRefiloe Jane obesibambe saqina isisu.
INigeria engompetha balo mqhudelwano, igcine ilitholile igoli elivalelwe u-Ajibade ngesikhathi esengeziwe kodwa bese kusele kancane unompempe awuqede umdlalo iBanyana yavula ngamaphuzu amathathu kuGroup C.
Iqembu lakuleli lizodlala owesibili kuGroup C uma selibhekene neBurundi kolandelayo ozoba seMoulay Hassan Stadium ngoLwesine ngo-7 ebusuku.